Blog

Blog

Umncintiswano Wezinkondlo we AVBOB: indawo yokupholisa amanxeba nenqolobane yezilimi zendawo    
Fri, 13 December 2019



Umncintiswano Wezinkondlo we AVBOB Wesithathu uphele ngomvuthwandaba – ngeqophelo eliphezulu lobuciko – lapho kwethulwe khona izinkondlo ezingaphezu kuka 7 000 ngesonto lokugcina, njengoba umncintiswano ubusuya emaphethelweni ngomhla ka 30 ku November 2019. Ngosuku lokugcina nje lulodwa, kwafakwa izinkondlo ezingu 2 224. 
 
Ukunqoba okungumangaliso – nesenzakalo esembulayo: sokuthi baningi abahayi bezinkondlo abakhona, mhlawumbe abangaqiniseki ngamakhono abo, mhlawumbe abamanqikanqika ukuchaya imizwa yabo ejulile egcekeni, noma mhlawumbe abangasitholi isikhathi sokubhala ngenxa yomshikashika wempilo. Kodwa okubalulekile ukuthi sinezindimbane zabahayi bezinkondlo abaphonse itshe esivivaneni, badalula amaqiniso ahlukahlukene atholakala kuleli zwe lethu elimangalisayo, nelibaluleke kakhulu.
 
Umhleli oyinhloko walomncintiswano, u Johann de Lange, uphawule ngokuthi “uma kuwukuthi lomkhankaso wezinkondlo awufinyelelanga lutho kuyoba ukuthi ubuyise abantu, ikakhulukazi abasha, wababuyisela ekubhaleni – nasekufundeni – zona phela izinkondlo. Izinzuzo zalokhu zizoqhubeka zikhula futhi zibonakala eminyakeni ezayo. Lokhu sekushintshe izimpilo zabantu futhi kusazoqhubeka kuzishintsha.” Lomncintiswano Wezinkondlo we AVBOB, njengoba usufinyelele ekupheleni konyaka wawo wesithathu, ubonisa amandla ajulile endima yezinkondlo ekushintsheni izimpilo zethu, nokubaluleka kwazo emphakathini – okuyindima enhle ngempela. 
 
Kuningi kakhulu osekuphawuliwe ngezinzuzo zokwelapheka ezitholakala kuleli khono lezinkondlo – kubo bobabili umbhali nomfundi – kodwa, ngaphezu kwalokho, izinkondlo seziye zaguquka ekubeni yikhono eliphakeme labafundileyo (kungenzeka kusenjalo – phela, kuyavunywa, ukuthi izinkondlo zimkhakha miningi) zaba yiyona ndlela yokudalula imizwa yabantu abavamile. 
 
Izinkondlo zisinikeza ‘enye’ indlela yokukhuluma, enye ingxoxiswano esivumela ukufinyelela kweminye imikhakha yokuba khona kwethu, enye indlela yokubheka izinto, namanye amaqiniso. Seziphenduke ulimi olujwayelekileezimpilweni zethu, ulimi luka wonkewonke – nendlela yokuxhumana nabanye abantu nakuba kunegebe elikhulu phakathi kwethu, ngokwezindawo zethu, nenkuliso yethu. Ekuqaleni kwalomncintiswano, isiqubulo esasithi ‘bhala okuthile, ufinyelele othile’ sasinamandla amakhulu: saveza amandla okuxhumana aleli khono. Abonakala lapho-ke amandla angumangaliso ezinkondlo. Njengoba siphila kulesi sikhathi sokwehlukana okukhulu, nokwanda kwemicabango engazinzile, izinkondlo ziyasiqoqa zisibuyise phansi, zisibuyisele komunye nomunye.
 
Umhayi wenkondlo ozihlalela yedwa e-Stilbaai, nongayedwa esitolo se internet e-Soweto, noma osesikhungweni somphakathi e-Siyabuswa angakhipha ikhono ngamazwi aqombola izintaba ezikude afinyelele izinhliziyo zabanye. Ngaleyo ndlela awukho umgoqo ongavimbela izinkondlo, ziqonda ngqo, zibe yizwi elikhulumela abaningi.
 
Lowo-ke kwakuwumbono walomkhankaso kusukela ekusungulweni kwawo NGUMPHATHI OMKHULU we AVBOB u-Frik Rademan osezobeka phansi izintambo: “Abantu babebekwa phambili njalo, ngaso sonke isikhathi abantu bethu beza kuqala. Singabanakekeli besiko lika wonke-wonke lokungcwaba, baleyonkambo yokugcina, okuyisikhathi sokucindezeleka esasiqonda ngokuthi kufanele sibenzele okuthile abantu bakithi – indlela yokukhuluma ngokulahlekelwa kwabo, indlela yokupholisa amanxeba.” Lowo mbono oyingqalabutho ka Mnu Rademan ekusunguleni lomkhankaso wabeka isisekelo esihle salokhu kukhula kwalomsebenzi okumangalisayo, nokubaluleka kwawo emphakathini.
 
Onyakeni wokuqala, kwatheleka izinkondlo ezingu 20 000 ezibhalwe lapha ezweni lakithi. Kwakungamiswe mkhawulo wokuthi kungafakwa izinkondlo ezingaki, kodwa noma yiyiphi eyashicilelwa yaphinde yakhokhelwa u-R300 okwaba umhlomulo wokusetshenziswa kwayo. Onyakeni wesibili womncintiswano, kwamiswa umkhawulo wezinkondlo ezingu 30 ngomhayi ngamunye, okwakuyindlela yokunciphisa umthwalo wokuhlela. Nakuba kunjalo, cishe kwabhaliswa izinkondlo ezingu 30 000 kuleli shashalazi, okwaba wukukhula okungu 50% ngaphezu konyaka odlule. Onyakeni wesithathu, umkhawulo wabekwa kwizinkondlo ezingu 20 ngomhayi ngamunye. Naphezu kwalokho inani elibhalisiwe ekupheleni kuka November nonyaka lifinyelele ku 30 573 – okungukukhula kwe 5% ngaphezu kwenani elikhulukazi lanyakenye. 
 
Kube khona ukukhula okubumbene kwenani lezinkondlo ezishicilelwa kule ngosi, okube wukukhula okungaphezu kuka 3 700 kulonyaka, okungaphezulu kuno kwangonyaka odlule okwaku ngu (3 572). Ngaphezu kwalokhu, abahayi bezinkondlo abakhuthele esinabo nabo baye banda unyaka nonyaka, okubonisa khona ukuthi usemkhulu umthamo wabahayi bezinkondlo abangakatholakali, abasalindele ukufikelwa wugqozi nabo babhale:
 
  Unyaka 1 (2017) Unyaka 2 (2018) Unyaka 3 (2019)
Inani lababhali bezinkondlo abakhuthele (ababhali abafaka okungenani inkondlo eyodwa emncintiswaneni walowo nyaka)  
3 858
 
4 851
 
5 807
 
Zimjabulisa ngempela lezinombolo uCarl van der Riet, UMPHATHI OMKHULU we AVBOB ozothatha izintambo: “Kuye kwaba ngumangaliso ukubona lokhu kukhula kwalomncintiswano konyaka nonyaka. Kodwa-ke ukukhula akubhekisele emananini kuphela – njengoba ngiwumcubungulisisi wamanani, ngikwazisa kakhulu lokhu kukhula! – kodwa, ikakhulukazi, ngibheke ukukhula kwesithunzi saleli khono, ukujiya kobuchule bezinkondlo ezibhaliswayo, kanti, nokubaluleke kakhulu, ukwanda kwezinkondlo ezibhalwa ngeziningi izilimi zabomdabu – esikuthatha njengenjongo esemqoka kakhulu: ukwakha inqolobane engokoqobo yezilimi zendawo, ukuthuthukisa ikhono lokufunda ngezilimi ebezinganakiwe isikhathi eside. Lokhu kwaku yinto eyayisemqondweni ka Mnu Rademan kwasekuqaleni kwalomkhankaso – ukuthi kufanele silondoloze izilimi zethu ezikhulunywayo nezibhalwayo. Futhi sizibophezele ekufezekiseni lolubizo.”
 
Lokhu kukhula kuyabonakala nakweminye imikhakha, futhi amanani ayakugqamisa lokhu:
  • Sekukhona abahayi bezinkondlo abangu 16 690 ababhalise kulolu hlelo lwethu
  • Abahayi bezinkondlo besifazane bedlula abesilisa ngabathathu kwababili
  • Cishe u-80% wabahayi bezinkondlo ungaphansi kuka 40 weminyaka
Kube noshintsho olukhulu ezilimini ezibhalisiwe: zonke ezinye izilimi azishintshanga kakhulu emanini abhalisiwe, ngaphandle kwesiXhosa, esikhuphuke ukusuka ku 1 129 wezinkondlo ezibhaliswe ngo 2018 ukuya ku 1 980 ngo 2019. Kube khona ushintsho olufanayo ngasemaphethelweni, ukukhula okukhulu ngesonto lokugcina, nangosuku lomnqamula juqu:

Kubonakala sengathi umphakathi wethu wabahayi bezinkondlo uyakujabulela ukubhekana nokucindezeleka okuhambisana nomnqamla-juqu osondelayo ukuze ukhiphe bonke ubuchule bamakhono okubhala! Kanti lomkhuba uveza elinye iqiniso, elicashile, elibekwa obala ngobugagu ngu Johann de Lange lapho ethi: “Izinkondlo zingacashiswa ngumshikashika wempilo, kodwa nakanjani siyobuyela kuzona.”
 
Ngaleyo ndlela-ke, simema bonke abahayi bezinkondlo – eqinisweni bonke Abase Ningizimu Afrika, kwazise phela sonke singabahayi bezinkondlo ngandlela thile, futhi sonke sinendaba yethu esingayixoxa – sinimema ukuba nibambe iqhaza futhi ngo 2020, lapho sethula ngonyaka ozayo owesine umkhankaso Womncintiswano Wezinkondlo we AVBOB
 
Ukuthola ukwaziswa okwengeziwe, nobuchule bezinkondlo zase Ningizimu Afrika, ngezilimi ezingu 11 zendabuko, ngena ku www.avbobpoetry.co.za

 



Share: